Skip to content

Incwadi Yokupheka Yabanesifo sikaShukela

Izindlela zokupheka ezimnandi zabanesifo sikashukela

Ndawonye nabakwa Pick n Pay, siqhamuke nohlu lwezindlela zokupheka zabantu abanesifo sikashukela abafuna amasu namaqhinga okupheka ukudla abazokudla osukwini. Lana sibala ukudla kwasekuseni, okwasemini okwantambama kanye nezibiliboco nje – sikuphethe konke kanti ke futhi okwawo wonke umuntu.


Ukudla okunomsoco

Zitholele iseluleko ngokudla okunomsoco kokwakha ukudla okunesisindo, kanti futhi okunambithekayo wonke umndeni wakho ozokuthakasela noma ngabe banaso isifo sikashukela okanye abanaso. Zitholele icwecwe lakho lamahhala ngokuthi ucofe la okubhalwe khona ukuthi (click on Download below) okanye uzifundele ekhasini lethu (online).

Ingani sishicilele incwadi yokupheka yesifo sikashukela

Ukuze uthole ukwelulekwa okungakusiza ngamacebo okuphila kahle nesifo sikashukela, vakashela leli khasi community blog. Lana ke uzothola ulwazi elisuka kumphakathi wethu wabanalesifo, ongcweti bezokudla, amasu okuzivocavoca, kanye nazo zonke izindlela zokuphila ngentokomalo kanye nokuphila ngendlela ephephile yokuphila unesifo sikashukela. 

Kade sasikulangazelele ukuthi sishicelele incwadi yokudla yethu kwa Sweet Life diabetes, siyajabula ukuthi ekugcineni isikhona esikwazi ukuyabelana nawe. Ukuthi unesifo sikashukela akusho ukuthi sekumele udle ukudla okunga nambithiseki kahle. Lezindlela zokupheka ezimayelana nabanesifo sikashukela ziyanambitheka ngalendlela yokuthi wonke umndeni uzozithakasela kanti wonke umuntu uzofuna ukudla lokho kudla. Kukho konke nje, akukho ukuthi okuthiwa cha lokhu okwabantu abanesifo sikashukela kuphela – sonke kumele sidle izinhlobo zokudla ngokwehlukana kancane, noma ngabe sinawo ushukela noma asinawo.

Zibandakanye nomphakathi wethu wabanoshukela

Sicela usazise ngokuthi ucabangani ngaloluhlu lwezipheko esilufakile, kanye nokuthi imaphi amanye amasu amayelana nokudla ongathanda ukuwabona siwafake kuloluhlu ngokuzayo! Ungasithumelela imeyili okanye uzibandakanye nathi ekhasini elisenkundleni yethu yezokuxhumana u “Facebook” Diabetic South Africans.


Discover more from Sweet Life

Subscribe to get the latest posts sent to your email.

SHARE THIS ARTICLE
What to read next
what is healthy jozi

What is Healthy Jozi?

You may have heard us talking about Healthy Jozi with our South Africans with Diabetes community. Want to know more about it? Discover more from

Read More
Join South Africans with Diabetes on Facebook

Join our diabetes community

Be First to Comment

What do you think?

Our best tips for living well with diabetes, right in your inbox.

Don’t miss your free diabetes newsletter

Sign up for quick monthly updates: