Skip to content

Isifo Sezinyawo Esithelelanayo

Siyini lesifo?

Isifo sezinyawo esithathelanayo (fungal infections) esiyaye sibizwe ngokuthi amatekenye.  Amagciwane angaba ezinzipheni kuphela noma esikhumbeni noma kukho kokubili. Amagciwane athanda ukuhlala endaweni emanzi, eswakeme, efudemele ngenja phakathi kwecathulo  ezingangenisi umoya.

Izimpawu zalesisifo?

Ubona ngesikhumba esilumayo, esomile, ungaba namashashazi amancane avulekayo kwesinye isikhathi siba bomvu.  Uba nezilonda ezincane ezimhlophe ezibuhlungu, ezilumayo ezinukayo ngaphakathi kweminwe. Kwesinye isikhathi iminwe iyaye ishintse umbala ibe nemigqa ephuzi noma empunga ekhukhumele futhi evuthuke.

Ukuzivikela kulesifo

Qikekela kuthi awugqoki izicathulo ezingenziwe ngesikhumba futhi ugqoke amasokisi uma ugqoke amabhuzi. Izicathulo ezinomuswakama nezingalitholi ilanga zenza leligciwane lidlondlobale.Zivikele ekutholeni lesifo ngokuqinisekisa ukuthi izinyawo zihlezi zihlanzekile. Geza izinyawo ngensipho ejwayelekile uzisule kahle kakhulukazi phakwathi kweminywe. Nciphisa ukujuluka kwezinyawo  ngokusebenzisa upowder wezingane enyaweni noma usebenzise imithi eyehlisa ukujuluka kwezinyawo. Qaphela ukuthi izichathulo ezimpintsanayo ziyalujulukisa izinyawo. Kumele usebenzise ujik namanzi ukuhlanza izinto zokunquma izinzipho. Idettol nesevlon ayisilaphi lesifo. Kumele usule ingaphakathi lezicathulo ngeJik noma Fungisolve ukubulala amagciwane.

Ukulashwa kwalesifo

Uma usunalesifo kufanele usebenzisa izinto zokuchopha izinyawo bese ugcobisa umuthi wokubulala amagciwane ongawuthola emakhemisi. Uma lesisifo siseminweni kufanele ubone udokotela wezinyawo. Kunezindlela ezehlukene zokulapha izinzipho okubalwa khona ukugcobisa umuthi ongawunikezwa udokotela wezinyawo noma i- laser, noma Loceryl 5%.

Amaqiniso ngezinyawo… uyilethelwa ngokukhathalela izinyawo ezinempilo ngu Anette Thompson Kanye noVuyisile Nkalane, A T A Durban. 031-201 9907

More isiZulu articles here!


Discover more from Sweet Life

Subscribe to get the latest posts sent to your email.

SHARE THIS ARTICLE
What to read next
Join South Africans with Diabetes on Facebook

Join our diabetes community

Be First to Comment

What do you think?

Our best tips for living well with diabetes, right in your inbox.

Don’t miss your free diabetes newsletter

Sign up for quick monthly updates: