Skip to content

Ezinjani lezinhlobo zikashukela ezibizwa ngo Type 1 & Type 2?

Eminye yemibuzo eminingi esibuzwa yona eNingizimu Afrika Diabetic South Africans  ngoshukela ukuthi kanti unezinhlobo ezingaki. Zintathu ke izinhlobo zalesifo ezikhona, ezibizwa ngamagama ahlukene ngokuhluka kwazo. Kukhona “Type 1 diabetes, Type 2 diabetes and gestational diabetes”.

Nantu ke ulwazi esinalo mayelana nezinhlobo ezahlukene zesifo sikashukela. Sicela usazise ngenzansi uma kukhona ofisa ukukuphawula noma ukukubuza.

type 1 and type 2 diabetes

 

Uhlobo lokuqala lwesifo sikashukela “Type 1 diabetes”

Uhlobo lokuqala lwesifo sikashukela “Type 1 diabetes” ilapho khona umzimba usuke uhluleka ukukhiqiza i homoni egaya ushukela iwufake emzimbeni ukuze inikeze umzimba amandla. Loluhlobo lwesifo luzuma ngokukhulu ukuzuma uma selufikile diabetes diagnosis, okugcina ngokuthi umuntu aze ayiswe esibhedlela. Loluhlobo ke lufika ngokukhulu ukuzuma lokhu, kodwa ke uma ungumuntu ozinakekelayo kulula ukuthi uphile isikhathi eside thrive after a Type 1 diagnosis unalo loluhlobo lwesifo sikashukela. Konke okumele bakwenze laba abane Type 1 diabetics okumele bakwenze ukuthi bathathe umjovo njalo uma bedla ukudla (nangaphambi kokuba balale). Abanye ke basebenzisa isifutho esibizwa ngokuthi pump esisizayo esikhundleni somjovo.

I “Type 1” ijwayeleke kakhulu kwintsha eneminyaka engamashumi amathathu kuyaphansi kanye nezingane ezincane, kodwa nesibalo sabadala abanayo sesenyuke kakhulu. Lesi sifo sikashukela asibangelwa ukudla ukudla okungenampilo, okunoshukela omningi phakathi noma ukuba mkhulu ngomzimba. Akusisona futhi isifo esidlulelana ngokwegazi noma sofuzo kepha siba segazini lomuntu. Indlela ozinakekela ngayo iyona ebalulekile, indlela enhle yokulwisana nalesifo, isemqondweni womuntu wokuthi ulwisana kanjani naso – Nanka ke amacebo ngendlela yokuphila nalesifo some advice from a few decades of living with Type 1 diabetes.

Uhlobo lwesibili lesifo sikaShukela “Type 2 diabetes”

Uhlobo lwesibili luka shukela olubizwa nge Type 2 diabetes ijwayelekile kwabaningi. Baningi abaphathwa ilenhlobo yesifo sikashukela njengoba ngokujwayelekile kungu 90% wabantu esikhonjwa kubo kwabanaso, lokhu kukhomba khona ukuthi baningi kakhulu. Loluhlobo lubangelwa indlela umuntu akaziphatha ngayo nohlobo lokudla akaludlayo. U “type 2” kashukela ubangelwa ukungazivocavoci, ukudla kakhulu ukudla okunoshukela kanye nokudla okungenamsoco. Okunye ke kuba ukuthi le homoni enikeza umzimba womuntu amandla isuke incane kakhulu emzimbeni, kanye nokuthi umzimba uyinqabe le homoni. 

Loluhlobo lwesibili lidume kakhulu ngalo leli gama lika “shukela” ikakhulukazi kubantu abakhulile. Akugcini ngabantu abadala kepha ngisho nezingane manje seziyatholakala zinaloluhlobo ikakhulukazi kulezi ezikhuluphele futhi ezingazi vocavoci. Abantu abanomzimba omkhulu noma abakhuluphele kumele behlise isikali sabo somzimba njengoba kuyibona abasencupheni enkulu yokuba nesifo sikashukela.

Nakhu ke esihlomisa ngakho noma amasu ukulwisana nalesifo  how to manage Type 2 diabetes. Lokhu kuhlanganisa ukunciphisa umzimba uma ukhuluphele, umthamo wokudla okumele kudliwe, kanye nokudla okumele kudliwe.

Imishanguzo yalo shukela kuba amaphilisi kanti ke nemijovo kuyajovwa uma kuphoqa ukuthi onaso ajove. Kwesinye isikhathi imishanguzo yalesifo sikashukela iphathisana ngesisu sikukhiphe Type 2 diabetes medication can cause diarrhoea, kodwa ke uma uzoyidla ebusuku lokhu kuba inkingana nje engatheni. Uma ubanjwe kusenesikhathi u”type 2” ukuthi unawo ikhona imizamo eyenziwayo ukuthi umuntu abengcono, kumele umuntu azivocavoce kakhulu aphinde ashintshe nohlobo lokudla akaludlayo.

Ingabe kumele ushintshe indlela oziphatha ngayo ukulwiswana nalesifo ukuze ubengcono change your lifestyle to manage Type 2 diabetes? Impendulo ithi yebo kunjalo . Uma ukwazile ukwenza lokho uyakwazi ukuphila isikhathi eside uwumqemane.

gestational diabetes

Loluhlobo oluphatha abakhulelwe: Gestational diabetes

Gestational diabetes uhlobo olutholakala ngenkathi owesimame ezithwele, kanti ngokujwayelekile luyaphela emva kokutetwa komntwana. Ushukela usuke unyuke kakhulu ngesikhathi besazithwele abesimame. Abantu besimame abanololuhlobo luka shukela basencupheni yokuthi babe nalolu lwesibi uhlobo lwalesifo Women with gestational diabetes olubizwa ngo “type 2”. Kodwa ke njengalo uhlobo lwesibili, nalo lolu lungavinjwa ukubhebhetheka kwalo ngokuthi umuntu adle ukudla okunempilo aphinde azivocavoce futhi, noma ke kubuye kudinge amaphilisi ukuthi alekelele. Okuyinkinga kakhulu ngaloluhlobo lwabesimame ukuthi uma lungabonwanga kusenesikhathi lungenza umonakalo enganeni. Ingakho ke kubalulekile ukuthi ozithwele ahlole emva kwezinyanga eziyisithupha ukuthi akanalo yini loluhlobo lukashukela.

Kuba khona nolwesine uhlobo lwesifo sikashukela olubizwa nge “latent autoimmune” okanye i “Type 1.5 diabetes”. Loluhlobo ke lona lutholakala kakhulu kubantu abadala abangenwe ilenhlobo yokuqala ngaphambilini “Type 1 diabetes”, okuhlukile ke ngalena yesine ukuthi ivela umuntu osethe ukukhula eminyakeni.

Nhloboni ke wena le onayo? Engabe bakutshela mhla uthola ukuthi unayo?

Translation by Siboniso Langa

Photo by Mark Claus on Unsplash


Discover more from South Africans with Diabetes

Subscribe to get the latest posts sent to your email.

SHARE THIS ARTICLE
What to read next
Join South Africans with Diabetes on Facebook

Join our diabetes community

2 Comments

What do you think?

Sweet Life is a registered NPO/PBO (220-984) with a single goal: to improve diabetes in South Africa. We are funded by sponsorships and donations from aligned companies and organisations who believe in our work. We only share information that we believe benefits our community. While some of this information is linked to specific brands, it is not an official endorsement of that brand. We believe in empowering people with diabetes to make the best decisions they can, to live a healthy, happy life with diabetes.

Get all the latest diabetes news - for free!

Once a month, we'll send you a quick diabetes update.
It's the one newsletter everyone with diabetes in SA should be reading.